Skip to main content

Isahluko 2

Ukunyuswa Ngo-mzuzu Wokufa

Ziningi izinhlobo zabahlwayi noma abacwaningi bendlela kamoya (indlela yeZulu) ababizwa ngama-yogī ama-haṭha-yogī, jñāna-yogī, dhyāna-yogī nāma-bhakti-yogī bonke basendleleni ezokwazi ukuba-nyusela emkhathini weZulu. Igama elithi-yoga lichaza ukuzihlanganisa noma”ijoka” okanye ukuboshelwa ndawonye ejokeni. Ngakho-ke lendlela ye-yoga ibekelwe ukuthi sikwazi ukuzihlanganisa ukuzixhumanisa nendlela yase Zulwini. Njengoba besekuchaziwe esahlukweni esidlule ukuthi ngokwendalo siyingxenye yaseZulwini sinobuhlobo noMdali, kodwa njengamanje sisakhungethwe ukudungwa yizwe. Simelwe ukubamba indlela ebuyela ekhaya eZulwini. Lendlela ke esixhumanisa neZulu ibizwa ngokuthi i-yoga. Enye indlela yokuchaza igama le-yoga wuphawu lokuhlanganisa (+). Okwamanje sisukile noma asinaye (-) uMdali. Kodwa uma sengeza u-Kṛṣṇa noma uMdali ezimpilweni zethu, lokho kwenza ubuntu bethu buphelele.

Ngesikhathi sokufa ilapho siqedela khona lendlela yokuphelelisa ubuntu bethu. Ngesikhathi sisaphila simelwe ukuqhubeka nokusebenzisa amasu okuzisondeza ekupheleleni, ikhona kuyothi lapho kufika umzuzu wokufa, lapho sesihlukana khona nomzimba, loko kuphelela siyokubona.

prayāṇa-kāle manasācalena
bhaktyā yukto yoga-balena caiva
bhruvor madhye prāṇam āveśya samyak
sa taṁ paraṁ puruṣam upaiti divyam

“Lowo okuthi ngomzuzu wokufa, awubophele uthi ngqi umphefumulo wakhe phakathi kwamashiya futhi ngokuzinikela okuphelele azenze ukuthi akhumbule uMdali, nakanjani uzuza ukumbona lowo oyiNhloko yobuNkulunkulu beZulu.” (Gītā 8.10)

Lokhu kungafaniswa nomfundi owenza izifundo zakhe iminyaka emine noma emihlanu bese eyahlolwa, emva kokuphumelela athweswe iziqu. Ngokufanayo nesifundo sokuphila uma kuzothi ngesikhathi sisaphila sisebenzisa amasu azokwenza ukuthi siphase ngomzuzu wokugcina, nakanjani sizodluliselwa eZulwini. Impilo yethu yonke ivivinywa ngomzuzu wokugcina ngomzuzu wokufa.

yaṁ yaṁ vāpi smaran bhāvaṁ
tyajaty ante kalevaram
taṁ tam evaiti kaunteya
sadā tad-bhāva-bhāvitaḥ

“Isimo sokuphila umuntu asikhumbulayo ngesikhathi eshiya lomzimba, leso yisona simo ayosizuza noma kanjani.” (Gītā 8.6)

Ama-Bengali anesisho esithi lokho okungubu-chwepheshe bakho buyovivinywa ngomzuzu wokugcina. Kwi-Bhagavad-gītā u-Kṛṣṇa uyachaza ukuthi yini okumele uyenze ngesikhathi uhlukana nomzimba. Kulabo abalandela indlela ye-dhyāna-yoga (abazindli) ukhuluma leli vesi elilandelayo:

yad akṣaraṁ veda-vido vadanti
viśanti yad yatayo vīta-rāgāḥ
yad icchanto brahmacaryaṁ caranti
tat te padaṁ saṅgraheṇa pravakṣye
sarva-dvārāṇi saṁyamya
mano hṛdi nirudhya ca
mūrdhny ādhāyātmanaḥ prāṇam
āsthito yoga-dhāraṇām

“Labo bantu abafundisiwe ngama-Vedas, abaphimisa amagama angcwele ka-oṁkāra futhi abayizazi emkhakheni wokudela izwe, bangena eNkazimulweni. Ngokulangazelela leyompumelelo, umuntu umelwe ukulandela amasu okuzihlukanisa nezocansi. Manje sengizokuchazela indlela ezokwenza ukuthi uzuze ukusindiswa. Indlela yobu-yogī ileyo yokuzehlukanisa nenjabulo yokuzwa kwezitho zomzimba. Ngokuvala yonke iminyango yezitho zokuzwa bese ugxilisa ingqondo yakho enhliziyweni nomoya wakho uwunyusele okhakhayini, lapho usungene endleleni yeyoga ngqo.” (Gītā 8.11-12)

Ngokwezinhlelo ze-yoga lendlela ibizwa ngokuthi pratyāhāra okungukuthi ”ukuphambanisa.” Ngokujwayele-kile uma usaphila amehlo asebenza ukukuvezela ubuhle bezwe, ngomzuzu wokufa kumele uwabuyise angabuki ubuhle bezwe kepha abuke ubuhle obungaphakathi kuwe. Ngokufanayo nezindlebe zijwayele ukuzwa izinhlobo-nhlobo zemisindo yezwe, kepha ngomzuzu wokugcina kumele zizwe lowomthandazo ka-oṁkāra ongaphakathi, ongahlangene nezwe.

oṁ ity ekākṣaraṁ brahma
vyāharan mām anusmaran
yaḥ prayāti tyajan dehaṁ
sa yāti paramāṁ gatim

“Esegxilile kulendlela yokusebenzisa amasu eyoga, ehuba umthandazo wamagama angcwele othi oṁ, okuyinhlanganisela yezinhlamvu zamagama ezidlula zonke, kulowomzuzu uma ecabanga ngalowo oyiNhloko Ephakeme yeZulu bese eyawushiya umzimba wakhe, nakanjani uzofinyelela emaZulwini.” (Gītā 8.13)

Ngalendlela-ke, kumele izitho zokuzwa zibuyiswe ezintweni zangaphandle zigxiliswe ekubukeni isiqu i-viṣṇu-mūrti esingaphakathi sikaNkulunkulu. Ingqondo yomuntu inokuyaluza, iyagxuma-gxuma, kodwa kumele ikhalinywe igxiliswe esiqwini sikaNkulunkulu ngaphakathi enhliziyweni. Lapho ingqondo isicwebile, isigxile kokusenhliziyweni ngaphakathi nomoya usunyuselwe okhakhayini, lapho-ke usungazi-zuza zonke izithelo ze-yoga.

Kulelizinga i-yogī iyakwazi ukuzikhethela ukuthi ingadlulela kumuphi umhlaba. Ngaphakathi kwalomhlabakazi (universe) kunenqwaba yemihlaba (planets), kanti ngale kwalemihlabakazi kune-Zulu nezinkanyezi zalo. Ama-yogī anolwazi ngalezi-zindawo, aluthola emibhalweni yama-Vedas. Njengoba nomuntu ozovakashela ezweni lase Melika engathola isithombe sokuthi izwe lase Melika linjani ngokuthi afunde ezincwadini ngalelizwe. Ngokunjalo nomuntu angaluthola ulwazi mayelana nesimo saseZulwini ngokufunda imibhalo yama-Vedas. I-yogī ichazelekile ngazo zonke lezindawo izazi kahle-hle, ngakho iyakwazi ukuzikhethela ukuthi izophuma kulomhlaba iye kunoma imuphi ewuthandayo ngaphandle kosizo lwemishini. Ukundiza ngemishini emikhathini indlela enganconyiwe leyo yokunyukela kweminye imihlaba. Mhlawumbe-ke emva kokuchitha eside isikhathi, imizamo kanye nezimali ezishisiwe, idlanzana labantu lingakwazi ukufinyelela kweminye imikhathi ngokusebenzisa lemishini yezwe, kodwa lena yindlela elukhuni futhi engasebenzeki. Ngaphezu kwalokho ayisizi ngoba ayikwazi ukukukhiphela ngaphandle kwalomhlabakazi.

Indlela ejwayelekile neyamukelekile yokunyukela emihlabeni engenhla eyokulandela izinhlelo namasu eyoga yokuzindla (meditational-yoga) lokhu okubizwa nge-jñāna-yoga. Uhlelo lwe-bhakti-yoga alumelwe ukulandelwa ngabantu abalangazelele ukushintsha amagumbi okuhlala kulomhlabakazi, ngoba kulabo abayizikhonzi zika-Kṛṣṇa, uNkulunkulu, abanandaba nokunyukela kweminye imihlaba engaphakathi kwalomhlabakazi. Bona bayazi ukuthi kuyo yonke lemihlaba ibuswa ngaphansi kwalezi zinsika ezine eziyinkinga kulomhlaba: okungukuzalwa,ukuguga,ukugula kanye nokufa.

Emihlabeni engaphezulu kwalona, kungenzeka ukuthi ubude bempilo kulemihlaba budlule ubude bempilo yethu lapha.Nakuba kunjalo kodwa ukufa kusekhona. Ukucacisa nje lapha, uma sikhuluma ngomhlaba sikhuluma ngaleyondawo noma ngaleyomihlaba lapho ukufa, ukuzalwa, ukugula nokuguga kuzinze khona. Kakolunye uhlangothi uma sikhuluma ngeZulu sikhuluma ngaleyondawo lapho ukufa, ukuzalwa, ukugula nokuguga kungekho khona. Labo abahlakaniphile abasebenzeli ukunyuselwa komunye wemihlaba engaphakathi kwalomhlabakazi ngoba bayazi kuyahlaba kuyo yonke.

Uma uzama ukunyukela kweminye imihlaba usebenzisa imikhumbi-mkhathi, unokufa ujuqu ngoba umzimba wakho awudalelwe ukuphila ngaphansi kwaleso simo. Kodwa uma unyukela kulemihlaba ngokusebenzisa indlela ye-yoga uzothola umzimba osifanele leso simo salapho unyukela khona. Lokho sikubona ngisho nakhona kulomhlaba esiphila kuwo. Sikwazi kahle ukuthi kithina ukuhlala olwandle noma emanzini kuyinto esingakwazi ukuyenza. Ngokunjalo nezidalwa zasolwandle azikwazi ukuhlala nathi ngaphandle. Kuyacacisa lokhu nakithi ukuthi ukuze uphile ngaphansi kwesimo esithize kumele ube nohlobo oluthize lomzimba. Lokhu-ke kusho ukuthi kunohlobo oluthize lomzimba okumele ube nalo ukuze ukwazi ukungena nokuhlala emhlabeni othize. Kulemihlaba engenhla kwethu imizimba yakhona iphila isikhathi eside kuneyalapha kulomhlaba. Izinyanga eziyisithupha kulomhlaba zilingana nse nosuku olulodwa kuleyo mhlaba. Ngokuchaza kwama-Vedas abantu kulemihlaba baphila iminyaka ecela ngaphezu kweshumi lezinkulungwane ngokokubala kwethu lapha kulomhlaba. Nakuba phezu kwempilo ende kangaka, ukufa kusalinde wonke umuntu. Akukhathaleki ngisho ungaphila iminyaka engama-20, noma engama-50 ezinkulungwane ngisho kungaba yisi gidi seminyaka (million) imbala, kulomhlaba yonke iyabalwa igcine ifike ekufeni. Singaphunyula kanjani kulokuzungezwa ukufa? Leso isifundo esifundiswa yi-Bhagavad-gītā:

na jāyate mriyate vā kadācin
nāyaṁ bhūtvā bhavitā vā na bhūyaḥ
ajo nityaḥ śāśvato ’yaṁ purāṇo
na hanyate hanyamāne śarīre

“Akukho ukuzalwa noma ukufa komphefumulo, ngo-kuba uhlala ekhona futhi akaphinde angabi khona. Akazalwa, akaphelelwa yisikhathi, uphila phakade, akanakufa ungowasendulo. Akafi ngesikhathi kubulawa umzimba” (Gītā 2.20)

Siyimiphefumulo asiyona lemizimba. Lokho kusho ukuthi asifi. Pho kwenziwa yini ukuthi sizibeke ngaphansi kwethunzi lokufa nokuzalwa? Lowo muntu obuza lowombuzo kumele simthathe njengomuntu ohlakaniphileyo. Labo abamuzwayo u-Kṛṣṇa abeve behlakaniphile, ngoba abazikhathazi ngokuthi bazuze indawo lapho kunokufa khona. Bayilaxaza laphaya impilo ende ukuze bazuze imizimba efana nekaNkulunkulu. Īśvaraḥ paramaḥ kṛṣṇaḥ sac-cid-ānanda-vigrahaḥ (Bs. 5.1). Igama elithi ‘sat’ lisho inguna phakade kanti elithi ‘cit’ lisho ukuba nolwazi oluphelele,elithi ‘ānanda’ lona lisho injabulo ephelele. U-Kṛṣṇa ungumthombo wayo yonke injabulo. Uma sidlula kulomzimba sizidlulisela eZulwini, singene e-Kṛṣṇaloka noma ikumuphi omunye wemihlaba yeZulu sizofika sithole umzimba ofanayo o-sac-cid-ānanda. Kuyacaca ukuthi inhloso yezikhonzi zika-Kṛṣṇa ayifani nalabo abazama ukuzikhuphulela emazingeni ngaphakathi kwalomhlabakazi.

Umphefumulo noma umoya womuntu ulinganiswa nokungaphansi kwenhlansi. Impumelelo kulendlela yeyoga incike ekutheni ukwazi ukunyusela okhakhayini umphefumulo wakho. Ngokuphumelela ukwenza lokho i-yogī isingakwazi ukukhetha ngokuzithandela ukuzidlulisela kunoma imuphi umhlaba ngaphakathi komhlabakazi. Uma i-yogī ifisa ukwazi ukuthi kunjani enyangeni, iyakwazi ukuzidlulisela khona, noma efisa ukwazi ukuthi kwenzekani kweminye imihlaba ivele izidlulisele khona kalula, ngokufanayo nomhambi ovakashela amadolobha amazwe ahlukene njengo New york, no-Canada akulomhlaba. Kuwo wonke amazwe ovakashela kuwo ufika emngceleni wakhona kusetshenziswa indlela efanayo yamaphepha emvume yokuvakasha (visa) njengoba nakuyo yonke imihlaba uzofica isimo esifanayo sokuphila ngaphansi kokuzalwa, ukufa, ukugula nokuguga.

Oṁ ity ekākṣaraṁ brahma: ngomzuzu wokufa i-yogī iphimisa u-oṁ, oṁkāra, okungumthandazo ofingqiwe weZulu. Uma i-yogī ikwazi ukusho lomsindo, lokho kwenza khona ngalesosikhathi ikwazi ukukhumbula u-Kṛṣṇa, noma u-Viṣṇu (mām anusmaran), lapho izuza ukunyuswa okuphakeme kunako konke. Ukugxilisa ingqondo ku-Viṣṇu kuyindlela yokulandela uhlelo lwe-yoga. Abaphika-isiqu soMdali (impersonalist) bazikhandela umfanekiso kaNkulunkulu ngokwabo ezingqondweni zabo, kodwa labo abasivumayo isiqu soMdali abazakheli siqu ezingqondweni zabo, basuke bebona sona uqobo. Akubalulekile ukuthi usuke ucabangela noma usuke ubona Yena uqobo yini? Okubalulekile okumele ukwenze ukugxilisa ingqondo yakho esiqwini Sakhe u-Kṛṣṇa.

ananya-cetāḥ satataṁ
yo māṁ smarati nityaśaḥ
tasyāhaṁ sulabhaḥ pārtha
nitya-yuktasya yoginaḥ

“Kulowo ongachezuki eku Ngikhumbuleni, Ngizuzeka kalula, Awu ndodana ka-Pṛthā ngenxa nje yokuhlala njalo engikhonza ngemisebenzi yakhe yothando.” (Gītā 8.14)

Labo abagculisekile yilempilo yesikhashana, ubumnandi besikhashana, namathuba esikhashana akumele bathathwe njengaba-hlakaniphile, lokhu kufakazelwa yi -Bhagavad-gītā Ngokusho kwe-Gītā lowo onobuchopho obuyingcosana uhlala elangazelele izinto zesikhashana. Thina singa-be phakade pho sizihluphelani ngezinto zesikhashana. Akukho noyedwa othanda isimo esidlulayo. Uma sihlala endlini esiyiqashile umnini muzi esikhipha kuleyondlu siphatheka kabi, kodwa uma esikhiphela endlini engcono kunaleyo lokho akusiphathi kabi. Kuyindalo yethu ukufuna ukwakhela endaweni yaphakade ngoba singabaphakade. Asikufisi ukufa ngoba vele ngokweqiniso singabaphakade asifisi nakugula nakuguga ngoba zonke lezi izimo zomzimba futhi ezesikhashana zibuye zidlule. Yize-ke singafanelwe ukuphathwa yimfiva kodwa imfiva iyafika ngakho simelwe ukwenza izinto ngokucophelela sithathe nemithi yokwelapha size sibe ngcono. Ngokunjalo izici zalomhlaba ezine (ukufa, ukuzalwa, ukugula nokuguga) zifaniswa nemfiva, zonke zivela ngenxa yalomzimba. Uma ngandlela thize besingaphuma kulomzimba singakwazi ukuphunyuka kulolusizi oluyingxenye yalomzimba.

Kulabo abangaba phiki-siqu sikaNkulunkulu u-Kṛṣṇa ubacebisa ngokuthi ba phimise u-oṁ. Ngalendlela bazoqinisekiswa ukufinyelela ema Zulwini. Kodwa-ke yize bezofinyelela emaZulwini ngeke bakwazi ukungena ngaphakathi kwamagumbi eZulu (spiritual planet). Bagcina ngaphandle emkhathini kwi-brahmajyoti. Amaphika siqu lawa abekwa enkazimulweni brahmajyoti njenge-zinhlansi. Ngalendlela umkhathi oyinkazimulo ugcwele lezizinhlansi zamaphikasiqu. Ilokhu, okusuke kuchazwa ngokuhlangana ungene eNkazimulweni kaNkulunkulu. Akumele ithathwe ngokuthi ukungenela kwakhe kwi-brahmajyoti umuntu ulahlekelwa ubuyena noma yena ujike abe yi-brahmajyoti. Cha, ubuwena njengenhlansi yomphefumulo abulahleki noma abushintshi, kodwa ngenxa yokuthi iphika-siqu alivumi siqu sikaNkulunkulu litholakala liyinhlansi eseNkazimulweni. Ngokufanayo njengokukhanya kwelanga okuhlanganisa izigidi zezinhlayiya zemisebe yalo, ne bramajyoti ngokunjalo iyiNkazimulo ehlanganise izinhlansi eziphika isiqu soMdali.

Thina siyizidalwa eziphilayo sithungatha ukunama. Ukuphila nje kukodwa akwenele, sifuna ukujabula (ānanda) kanye nokuba (sat). Isiqu somuntu esiphelele sinezimo ezintathu okuyiphakade, ulwazi, kanye nentokozo. Labo abangena ngokuphika isiqu soMdali kwi-brahmajyoti bahlala khona isikhashana ngaphansi kwesimo sokwazi ukuthi sebengenele kwi-brahmajyoti, sebewuhlobo lunye ne-Brahman. ,kodwa isimo sokuthokoza ngeke basizwe ngoba basalambatha kulesosimo. Umuntu angahlala endlini yedwa isikhashana achithe isizungu ngokuthi afunde incwadi noma azilibazise ngemicabango ethize. Kodwa kuyinto angeke akwazi ukuyenza leyo ukuthi ahlale kanjalo iminyaka ngeminyaka enza lokho, kakhulikazi ngeke akwenze lokho kuze kube phakade. Ngakho-ke lowo ongenela kwi-brahmajyoti ukuthi abe munye neZulu usengcupheni yokuphinde awele emhlabeni ezofuna ukuzibhangqa nabantu ukuze athole lokuya kujabula akuntulayo kwi -brahmajyoti. Lona ngumbono we-Śrīmad-Bhāgavatam. Ama-Astronauts angahamba amabanga amade emkhathini, kodwa uma bengayitholi indawo yokuphumula kwezinye zezinkanyezi bazophoqeka ukuthi babuyele kulomhlaba ukuzophumula. Kunoma isiphi isimo ukuphumula kuyadingeka. Esimweni sokuphika isiqu ukuphumula kuyinto engaqinisekisiwe. Ngakho i-Śrīmad-Bhāgavatam ithi, gisho emva kokuzikhandla okungakanani, uma iphika-siqu lingena eZulwini libuye liwele emhlabeni ngenxa yokuthi akanakanga ukukhonza uNkulunkulu ngothando nokuzinikela. Uma siselapha kulomhlaba kumele sizijwayeze ukuthanda futhi sikhonze uNkulunkulu u-Kṛṣṇa. Uma sikufunde kahle lokhu sizongena nakanjani ezinkanyezini zeZulu. Indawo ye phikasiqu eZulwini ingeye- sikhashana ngoba ngenxa yesizungu uzogcina ngokuzama ukuthola azozwana naye, kodwa ngoba uyasiphika isiqu soMdali uzophoqeka ukuthi ehlele emhlabeni ukuzohlangana azwane nalabo ababoshelwe enyameni.

Ngakho kubaluleke ngendlela eyisimangaliso ukuthi siyazi futhi siyiqonde indalo sisekelo yethu: sifuna inguna phakade, ulwazi oluphelele kanye nentokozo. Uma sishiywe sodwa isikhathi eside laphaya kwi-brahmajyoti, ukujabula into ekude nathi, ngakho-ke sizophoqeka ukwamukela ukujabula esikunikwa noma esikuphiwa ilomhlaba. Kodwa ukujabula kweqiniso kunambitheka uma kuxhumene noMdali. Ngokujwayelekile kulomhlaba ukujabula okudlula konke okutholakala ngokuxhumana ngokocansi. Kodwa lokhu kuyisithombe saseZulwini esihlanekezelwe sobumnandi bokuxhumana ngokwaseZulwini, ubumnandi bokuxhumana no-Kṛṣṇa. Kodwa singadideki sicabange ukuthi ubumnandi bakhona bufana nobumnandi bocansi balapha emhlabeni. Cha akufani nhlobo. Kodwa ukuba ubumnandi bokuxhumana abukho eZulwini ngabe asinaso lesithombe lapha emhlabeni. Lapha kulomhlaba kuyisithombe esihlanekezelwe kuphela, uqobo lobumnandi luhlezi ku-Kṛṣṇa okunguye ophethe ubumnandi obuphelele. Ngakho-ke indlela okuyiyona-yona, ukuthi siziqeqeshe manje, ikhona kuyothi ngomzuzu wokufa sikwazi ukuzidlulisela eZulwini e Kṛṣṇaloka lapho siyokwazi ukuhlala ndawonye no-Kṛṣṇa. I-Brahma-saṁhitā (5.29) ichaza u-Śrī Kṛṣṇa kanye nesigodlo Sakhe kanje:

cintāmaṇi-prakara-sadmasu kalpa-vṛkṣa-
lakṣāvṛteṣu surabhīr abhipālayantam
lakṣmī-sahasra-śata-sambhrama-sevyamānaṁ
govindam ādi-puruṣaṁ tam ahaṁ bhajāmi

“Ngikhuleka ku-Govinda, inkosi endala kuwo wonke, umZali wokuqala, ongumalusi wezinkomo, owanelisa zonke izifiso, ezindlini ezakhiwe ngobucwebe beZulu, zizungezwe izigidi zezihlahla ezikupha noma yini oyifisayo, ohlala eguqelwe ngokuzithoba nokukhonzwa ngamakhulu-khulu ezindlovukazi zomnotho nehlanhla.” (godess of fortune) Brahma-saṁhitā (5.29)

Lesi isithombe sase-Kṛṣṇaloka esichazwa ileli vesi. Izindlu zakhona zakhiwe ngalokhu okubizwa ngetouchstone. Kuthiwa noma yini oyithinta ngale touchstone iphenduka ibe igolide. Izihlahla zakhona zikufezela zonke izifiso zakho ngoba noma yini oyicela kuzona uyayithola. Kulomhlaba siyazi ukuthi isihlahla sika mango sikhipha umango ese apula, i apula, kodwa laphaya eZulwini kunoma yisiphi isihlahla uthola noma yini oyifisayo. Ngokufanayo nezinkomo zakhona zibizwa ngama surabhi. Ubisi lugeleza njengomfula kuzona. Lomlando wesimo sasemaZulwini utholakala emibhalweni yama-Vedas.

Sesize sakujwayela ukuzalwa, ukufa nazo zonke ezinye izinhlupheko zalomhlaba. Ososayensi balomhlaba sebesitholele uxhaxha lwezinto ezizothokozisa imizwa yemizimba yethu nokuyibulala. Kodwa abakasitholi isixazululo sokuqeda ukuguga, ukugula kanye nokufa. Abakakwazi ukwakha umshini ozovimba ukufa, ukuguga nokugula. Siyakwazi ukwakha into ezokwenza ukufa kufike ngokushesha kodwa asikwazi ukwakha into ezovimba ukufa kungasondeli. Kodwa labo abahlakaniphile abazihluphi ngalezinkinga zokuphila kulomhlaba, bazihlupha ngokuzinyusela eZulwini. Lowo omoya wakhe ugxile ku-Kṛṣṇa (ananya-cetāḥ satatam) akabe esagudlukela kokunye, usehlala njalo engaphezu kwenyama, emicabangweni yakhe kukhona u-Kṛṣṇa kuphela akagudluki. (ananya-cetāḥ satatam). Igama elithi ‘satatam’ lichaza ukuthi noma ikuphi noma inini.

Ezweni laseNdiya bengihlala e-Vṛndāvana, manje sengihlala eMelika. Kodwa lokhu akuchazi ukuthi sengingaphandle kwe-Vṛndāvana, ngoba uma ngicabanga ngo-Kṛṣṇa njalo, ngihlala njalo ngise-Vṛndāvana, akunandaba ukuthi ngokwezwe nendawo ngikuphi. Ukuzwa nokuba nomuzwa ka-Kṛṣṇa kusho ukuthi uhlala njalo uno-Kṛṣṇa esigodlweni Sakhe, i-Goloka Vṛndāvana, kuphela ulinde ukuthi uhlukane nalomzimba. Amagama athi smarati nityaśaḥ achaza ukuhlala ukhumbula (ukungakhohlwa). Kulowo ohlala ekhumbula u-Kṛṣṇa, iNkosi iba tasyāhaṁ sulabhaḥ okungukuthi ithengeka kalula. U-Kṛṣṇa uqobo uyasho ukuthi uthengeka kalula ngalendlela ye-bhakti-yoga. Pho sifunani kwezinye izindlela? Ubusuku nemini singasho lo mthandazo othi: Hare Kṛṣṇa Hare Kṛṣṇa Kṛṣṇa Kṛṣṇa Hare Hare Hare, Rāma Hare Rāma Rāma Rāma Hare Hare. Akunamithetho ekuvimbayo, ungawusho lomthandazo emgwaqeni, esiteshini, ekhaya noma emsebenzini. Akukhokhiswa mali kumahhala, pho yini ungayizami?